News Avenue
News / Izindaba

I-ANC INXUSE UBUMBANO KUMAKHANSELA

I-ANC INXUSE UBUMBANO KUMAKHANSELA
Ubuholi be-ANC esifundeni iTheku bunxuse amakhansela enhlangano ukuba abumbane angavumeli isitha siwahlukanise.
Amakhansela e-ANC kulesi sifunda esikhulukazi abe nomhlangano ngoLwesithathu. 
Kulo mhlangano kubonakele umoya wokusebenzisana nokuzimisela. 
Amakhansela aphinde akhunjuzwa ngomsebenzi athunywe wona emphakathini nokuthi kusho ukuthini ukuba ngumholi womphakathi. 
Umxhumanisi we- ANC eThekwini uSimiso Mkhize utshele amakhansela ukuthi kumele abumbane ukuze inhlangano iqine. 
UMkhize uthe uma lenhlangano ingabumbene iba buthaka kungene nezitha kalula. 
"Aniwona  nje amakhansela  kodwa niyizithunywa ze-ANC emkhandlwini. Abantu basithembile ukuthi sibahole kahle, ngakho zonke izenzo zethu kufanele zibonakalise inhlonipho, ubunye nokusebenza ngokuzimisela. 


Abantu bethu kumele babone i-ANC ihamba nabo nsuku zonke.”  
Amakhansela aphinde akhunjuzwa ngokuziphatha kahle. 
Atshelwe ukuthi kufanele angahambeli kude nomphakathi ngoba lokho kulimaza amathuba enhlangano ezinkethweni ezilandelayo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose