News Avenue
News / Izindaba

EZIMNANDI KUBASHAYELI

EZIMNANDI KUBASHAYELI
Ezimnandi kubashayeli bezimoto kuleli, kulandela isinqumo seKhabhinethi sokugunyaza ukuba izincwadi zokushayela (izilayisense) zithathe iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba ziphelelwe yisikhathi, esikhundleni seminyaka emihlanu elandelwayo njengamanje.

Lokhu kumenyezelwe ngokusemthethweni uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNkk Khumbudzo Ntshavheni, ngesikhathi ebika ngezidingo nomphumela womhlangano weKhabhinethi. UNtshavheni ucacise ukuthi lolu shintsho luzothinta kuphela izimoto ezilula, okungukuthi izincwadi zokushayela zamakhodi afana no-A, A1, B no-EB.

"IKhabhinethi ikwamukele ukwengezwa kwesikhathi sezincwadi zokushayela ukuze kuhambisane nemigomo yamazwe omhlaba. Lokhu kuzosiza kakhulu nasekunqandeni imigqa emide nengcindezi emikhungweni yokuhlolwa kwezimoto (DLTCs)," kusho uNtshavheni.

Izimoto ezithwala impahla ezisindayo (commercial vehicles) nezokuthutha umphakathi (public transport) zizogcina imithetho yazo yakudala yeminyaka emibili noma emihlanu, kanti nama-Professional Driving Permits (PrDP) azohlala eminyakeni emibili. UNgqongqoshe uveze ukuthi lolu shintsho aluqali phansi ngokushesha namuhla. Wathi kusamele kulungiswe kanti kuchitshiyelwe nemithetho ePhalamende (legislative amendments) ngaphambi kokuba kuqalwe ngokusemthethweni.

UNtshavheni unxuse bonke abashayeli bezimoto ukuba baqhubeke nokuvuselela izilayisense zabo ezikhishwe ngaphansi komthetho weminyaka emihlanu kuze kube zingalwa ngaphansi komthetho omusha.

Lo mthetho wamukelwe ngezandla ezimhlophe yizinhlangano ezilwela amalungelo abakhokhi bentela njenge-OUTA, ebezilokhu zilwela ushintsho kusukela ngonyaka ka-2020.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose