News Avenue
News / Izindaba

DONALD TRUMP VS CYRIL RAMAPHOSA

DONALD TRUMP VS CYRIL RAMAPHOSA
Isekude ukuphela impi ephakathi kweMelika neNingizimu Afrika.

 Njengamanje uDonald Trump ongumengameli waleliya lizwe uthi ngeke ayimeme iNingizimu Afrika kwiG20 ngonyaka ozayo.

Njengoba iG20 kade isingethwe iNingizimu Afrika, kungeyokuqaka ezwenikazi i-Afrika. UTrump uvele wayiduba wathi ngeke alubhade olwakhe kuleli.

Ebeka isizathu sokuthi kubulawa abalimi abamhlophe, nokuyinto eyachazwa ukuthi ayikho futhi ayikaze ibe khona kodwa yena akaguquki kulokhu akholelwa kukona.

INingizimu Afrika ikuzame konke ukubonisa uTrump ukuthi ayikho lento yokubulawa kwabamhlophe, kwaze kwasuka umengameli Cyril Ramaphosa nethimba lakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ethola lezi zindaba uRamaphosa uvele wathi, cha kuyisulubezi ukuthi iMelika ithi ngeke iyimeme iSouth Afrika. Kodwa iSA iyilungu le G20, futhi kuncike kumalungu ukungayi kwayo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose