News Avenue
News / Izindaba

BAZOTHULULA KONKE KUNKULUNKULU ABESIFAZANE ABASEMBONINI YABANGCWABI

BAZOTHULULA KONKE KUNKULUNKULU ABESIFAZANE ABASEMBONINI YABANGCWABI
LINDOKUHLE NGCOBO 

BAZOHAMBA ezinyathelweni zikaHana wasebhayibhelini, abesifazane abasembonini yabangcwabi. Lapho bezothulula konke kuNkulunkulu emkhulekweni, iWomen In Funeral Business  Prayer, ozokuba ngomhlaka 28 October 2025, ehholo lomphakathi elika-G KwaMashu, enyakatho neTheku.

Umhleli walo mkhuluko uNksz Busisiwe Zondi  okhonza ebandleni iBantu Methodist Church of Southern Africa, ngaphansi kwesiFunda iBMC KwaZulu-Natal Coastal. Uthi wafikelwa umbono wokuba kuhlelwe lolu hlobo lo mkhuleko, ngemuva kokuhambela ingqungquthela yabesifazane abasembonini yabangcwabi ekuqaleni kwalo nyaka. 

"Ngesikhathi kuqhubeka umcimbi ngabona izingqinamba ezibhekene nabesifazane, abakulo mkhakha ogcwele abantu besilisa. Ngaqaphela ubuhlungu abesifazane ababhekene nabo kwezezimali nasemoyeni. Ukungcwaba njalo ngezimpelasonto kuyabakhathaza, ukhumbule bangabantu besifazane kuyezwela," kuchaza uNksz Zondi. 

Eqhuba, uveze ukuthi uhlele lo mkhuleko ngenhloso yokunika laba besifazane indawo abazokhalela kuyo, bebikela konke kuJehova. Wathi lo mkhuleko uzobe uholwa uMfu Thabile Nkosana, uMfu Siwe Ndlovu noNdlovukazi Mapule.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose