News Avenue
News / Izindaba

BAZINIKELE EMAPHOYISENI NGELOKUNTSHONTSHA IZIMPONDO ZIKABHEJANE

BAZINIKELE EMAPHOYISENI NGELOKUNTSHONTSHA IZIMPONDO ZIKABHEJANE
LINDOKUHLE NGCOBO 

BAKHALELWE amasongo kasigonyela abasolwa abangu-6 ngecala lokuntshontsha izimpondo zikabhejane.

Abesilisa abahlanu  abaphakathi kweminyaka  engu-49 kuya kwengu-84 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-60 ubudala baboshwe namuhla esiteshini samaphoyisa eSunnyside, ePretoria. 

Kuvela ukuthi abasolwa bazinikele emaphoyiseni ophiko loKlebe aphenya  ngaleli cala kusukela ngonyaka ka-2017.

Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi kukhona inkohlakalo eyenziwa ngaphansi koMnyango  wezaMahlathi, EzokuDoba kofishi nezeMvelo, okusolakala ukuthi  abasolwa bafaka isicelo sokuthenga nokudayisa izimpondo zikabhejane kuleli kodwa bathola imvumo yokudayisa eSouth East Asia ngokungekho emthethweni. 

Le mvume ewumbombayi iveza ukuthi kudayiswa izimpondo zikabhejane ezingu-964 ngemali engaphezulu kuka-R1 million.

Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele namuhla mhlaka 19 August 2025, eNkantolo yeMantshi ePretoria, lapho bezobhekana necala lenkohlakalo, ukweba nokuphula umthetho weNEMBA (Contravention of National Environmental Management Biodiversity).
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose