News Avenue
News / Izindaba

BATHWALE KANZIMA EBEBEZAMA UCITY MANAGER

BATHWALE KANZIMA EBEBEZAMA UCITY MANAGER
UCity Manager weTheku, uMusa Mbhele ubuze abebehambele umcimbi obewuhlelwe iXubera Institute, ukuthi kungani engekho ejele uma kungukuthi uphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Lengxoxo kade ibanjelwe eHillcrest izolo ebusuku.
Emasontweni amabili edlule uMbhele waba nokuhlaselwa kwenye yezingxoxo. Abahleli babe sebemnika ithuba lokuthi naye aziphendulelo. Yingakho bekunale ngxoxo izolo.
UMbhele ubingelelile wabe esehlala odabeni. Ube esehlala phansi wanika ithuba labo abanezikhalazo. Kusukume uSiya Xulu okhale ngokungakhokhelwa imali engu R500 million.

Ephendula uMbhele uthe ngeke ayikhokhe leyomali ngoba ukuyijhokha kungamfaka ejele. "Uma ulalele inkulumo kaXulu ithinta uSipho Nzuza, manje mina ngingena kuphi, ngikhuluma noNzuza ngimbuza ngale account, wathi uyangibhedela lowo esho uXulu,"kuchaza uMbhele.
Kuke kwathi ukuphakama imimoya kudingidwa lolu daba kodwa isimo saphinde sabuyela kwesejwayelekile. Kube sekusukuma uMnuz Saunders naye okhale ngezinto eziningi kuhlanganisa noHlenga Sibisi okuthiwa uke wathola R600 million kumasipala. Kube sengathi baqedile ngoMbhele wonke umuntu eselindele ukuzwa ukuthi uzophuma kanjani kulenkinga.

UMbhele ubize ummeli wachaza ngendlela alwazi ngalo udaba lukaXulu, waphinde wacela uChief Finance Officer womkhandlu naye ochaze ngendlela alwazi ngayo lolu daba. Bobabili bagcizelele ekutheni uma bebona ukuthi kukhona okwenziwe uMbhele okuphambene nomthetho abamvulele icala aboshwe ngoba lezi zithangami azisizi ngalutho.

Kube sengungena uMbhele ezoziphendulela kuXulu noSaunders. "UXulu ukhulume isikhathi esinde kodwa angizwanga ukuthi ubethini, bengithi inkinga ibhekene nami kodwa uvele wagxila kuNzuza. Kungagcono ngingaphawuli kakhulu ngalokhu okushiwo uXulu,"kulandisa uMbhele. Eqhubeka uthe uSaunders angaba umfundisi omuhle endaweni yasemakhaya, uyakwazi ukubeka udaba. "Into nje emshayayo incane, ngezinye zezinto bekumele abuze mina ngimphendule. USibisi waphuma ezinkampanini zakhe. Ukube wangibuza bengizomthatha ngimbeke kodwake ngoba ufuna ukushayelwa izandla uma ekhuluma yingakho sila,"kuphetha uMbhele.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose