News Avenue
News / Izindaba

BATHI KUSHAYA UMOYA ENGEKHO AMATEKISI ETHEKWINI

BATHI KUSHAYA UMOYA ENGEKHO AMATEKISI ETHEKWINI
SIZO BLOSE 

Kuhlukene imibono ngokungahambi kwamatekisi eThekwini namaphethelo.
INews Avenue ikhulume nabanye babahlali baseThekwini ngalolu daba.

UThabane Dlamini (42) uvele wathi empeleni kushaya umoya emgwaqeni njengoba engekho amatekisi. "Uyazi nje namhlanje ukuthi lesi siphithiphithi sesicefe esivamise ukuthi sibe lana edolobheni asikho. Kwathina sishayela ngokukhululeka abekho abantu abasigudluzayo," kubeka uDlamini.

USindi Ngcobo(33) uthe akakaze ahlukumezeke kanjena ngokungabi khona kwamatekisi. "Kuleli sonto ngingena ebusuku. Ngithi ngiyafika ekuseni ngizobheka itekisi ezongibuyisela ekhaya, lutho. Okubuhlungu ukuthi  bengingazwanga lutho ngezinkinga ezokhona, njengamanje ngiyofuna ibhasi. Okungicikayo ngalo ukuthi lingehlisa kude" kusho umaNgcobo.

Sipho Dlala uthe okumphatha kabi ukuthi abanye abantu bebengazi ngalokhu kungasebenzi kwamatekisi. "Nginezingane ezifundayo, azikwazanga ukuya esikoleni ngenxa yalesi simo. Anginankinga nemboni yamatekisi uma ilwa izimpi zayo, kodwa njengabasebenzisi bamatekisi sicela ukwaziswa kusenesikhathi," kusho uDladla.

Sboh Zulu uthe unethemba lokuthi lenkinga izoxazululeka, isimo sibuyele kwesejwayelekile ngoba njengamanje, abantu baxabana nabaphathi babo emsebenzini izingane zesikole ziyasala ezifundweni.

"Akulula ngisho ukuthatha ama Uber ngoba amanani awo njengoba kunjena nje aphezulu kakhulu.

Abamatekisi bathathe lesi sinqumo nje kungenxa yokuboshwa kwezimoto zabo ezingu 15.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose