News Avenue
News / Izindaba

BASOLA UMSHUSHISI NGOKUHUDULA IZINYAWO "NGOWABULALA" INGODUSO

BASOLA UMSHUSHISI NGOKUHUDULA IZINYAWO "NGOWABULALA" INGODUSO
LINDOKUHLE NGCOBO 

USotswebhu weKomiti leziNsizakalo zomPhakathi eThekwini, uKhansela Ntombikayise Sibhidla, unxusa umphakathi ukuba uphume ngobuningi bawo uyoxhasa umndeni wakwaPhohlo eNkantolo yesiFunda saseThekwini, ngoLwesihlanu mhlaka 14 August 2026. Lokhu kumayelana necala elibhekene noMnuz Mhleli Ndaba, osolwa ngokubulala ngesihluku ingoduso yakhe, uNksz Dima Phohlo, ngo-October 2023 ngaphandle komuzi wabo oseMorningside, eThekwini.

Ekhuluma ne-News Avenue, uSibhidla ukhale ngokuthi leli cala selidonse isikhathi eside kakhulu kanti ubulungiswa abukenzeki. Wasola umshushisi waleli cala ngokuhudula izinyawo.

"Siyaninxusa nonke ukuthi ngomhlaka 14 August 2026, nibe khona nizokweseka umama kaDima, udadewabo nezingane zakhe ezimbili. NgoLwesihlanu kuzobe kungalona usuku lokuqulwa kwecala njengoba namhlanje nayizolo ubengekho umshushisi. Ngalolo suku kuzonqunywa usuku olusemthethweni lokuqulwa kwalo(icala)," kusho uSibhidla.

UNdaba, usolwa ngokugwaza kaningana uPhohlo phambi kwamadodana abo aneminyaka ephakathi kwemithathu nemihlanu ubudala, okwamanje ungaphandle ngebheyili ka-R20 000. Umfanekiso we-CCTV okhombisa isigameko sokubulawa ngesihluku kukaPhohlo usuke wakhonjiswa enkantolo. Nokho, uNdaba uthi akasakhumbuli kahle okwenzeka ngosuku lwesigameko, lapho esola khona ukulimala kwakhe ekhanda ngonyaka ka-2021 njengento eyaphazamisa umqondo wakhe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose