News Avenue
News / Izindaba

BAKHALA NGOKUNGAPHATHWA KAHLE ABEZENKOLO

BAKHALA NGOKUNGAPHATHWA KAHLE ABEZENKOLO
Lindokuhle Ngcobo 

ABAHOLI benhlangano yezenkolo eThekwini, iReformed Independent Church Association(RICA) bakhala ngokungaphathwa ngendlela efanele kukaBishop Michael Sandlana webandla iPentecostal Holiness Church (IPHC). USandlana usagcinwe esitokisini ngecala lokuzama ukugwazela ujaji Portia Phahlane weNkantolo ePhakeme yasePitoli.

Ekhuluma namuhla, eLight House Church, KwaMashu uBishop Sandile Ndlela, udalule ukuthi beyinhlangano iRICA abahluleli muntu. Wathi ufuna umbuso usingathe icala likaSandlana ngendlela enobulungiswa. 

"Akwenziwe ubulungiswa, asiphathe wonke umuntu ngokulingana. Akungabibikho uzozibona engcono, kungabibikho uzozibona yena engekho ngcono. Sikhuluma into eyodwa makwenziwe ubulungiswa," kubeka uNdlela. 

USandlana kulindeleke ukuthi avele enkantolo ePhakeme yasePitoli mhlaka 6 March 2026, nabalingani bakhe(uSandlana) abathathu okungu Mnuz Vusi Ndala, uPhahlane noKagiso abangaphandle ngebheyili. 

Kusolakala ukuthi phakathi konyaka ka 2021 no 2022, uSandlana noNdala bakhokhela uJaji Phahlane imali engango R2.4 million, kumabhange ahlukene. Ngokwezinsolo, lokhu bakwenza ngenhloso yokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esivuna uSandlana ecaleni lombango webandla. 

Lokhu kwaholela ekutheni iNPA, iholwa uphiko loklebe libophe laba abane ngoNovember 2025.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose