News Avenue
News / Izindaba

BAGWETSHWE UDILIKA JELE ABABAMBE IMALI YAKWA SASSA

BAGWETSHWE UDILIKA JELE ABABAMBE IMALI YAKWA SASSA


SOMPISI NTULI

Abalisa ababili, uMuzi Sibiya (42) noNduduzo Shezi (36), bagwetshwe udilika jele, iNkantolo  enkulu ePietermaritzburg, ngoLwesihlanu, 29 August 2025.

Laba balisa batholwe necala lokubulala kanjalo nelokweba.

Ngomhlaka 4 kuNtulikazi 2025, USibiya no Shezi kanye nabasolwa abane, bagqekeza e-Tugela Ferry Mall, eMsinga, okuyilapho abathatha khona imali eyayizokhokhelwa abasebenzisi bakwa Sassa.

USibiya obezifihle, utholakale ne jakhethi kanye nenani lemali elingadalulwanga.

Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uSibiya ubengumshayeli wetekisi khona endaweni yaseMsinga, okusolakala ukuthi ubephinde abe ngumbulali.

Ubufakazi obutholakale emotweni ebihamba abasolwa bukhombe kuNduduzo Shezi. Lo msolwa utholakale ejele laseGoli lapho ebeboshelwe icala elihlukile.

Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa abathinteka kuloludaba.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose