News Avenue
News / Izindaba

BAGWETSHIWE ABABAMBA IMOTO YEMALI EMTSHEZI

BAGWETSHIWE ABABAMBA IMOTO YEMALI EMTSHEZI
LINDOKUHLE NGCOBO 

BAGWETSHWE iminyaka engu-15 umuntu emunye abesilisa ababili ngecala lokubamba imoto yemali. 

USiyabonga Mncube (30) noMbongeleni Manyoni (35)  bagwetshwe Inkantolo yesiFunda yaseMtshezi izolo. Kulandela ukuthi le nkantolo ibathole(Mncube noManyoni) benecala lokubamba inkunzi imoto yemali. Lesi sigameko senzeka ngo-June 2022 emgwaqeni uR103 eMtshezi. Lapho abamangalelwa badubula imoto ethwala imali ngenqwaba yezinhlavu. 

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo uthi uMncube noManyoni baphuca onogada izibhamu, basebenzisa iziqhumana ukuqhumisa ingemuva le moto. Wathi abamangalelwa babaleka nesabamba semali esingadululwanga endaweni yesigameko. 

"Ngosuku olulandelayo kwaboshwa uMncube noManyoni, ngemuva kokutholakala bephethe imali entshontshiwe. Laba ababili bavela kaningi enkantolo kwaze kwaba usuku lwangomhlaka 16 July 2025, lapho betholakale benecala," kuchaza uMhlongo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose