News Avenue
News / Izindaba

AYIQALI NGENINGIZIMU AFRIKA EYOKUXOSHWA KWABOKUFIKA

AYIQALI NGENINGIZIMU AFRIKA EYOKUXOSHWA KWABOKUFIKA
LINDOKUHLE NGCOBO 

Ukuxoshwa kwabantu bokufika abangenawo amaphepha asemthethweni akuqali ngeNingizimu Afrika. Umlando ukhombisa ukuthi amazwe amaningi e-Afrika aseke akwenza lokhu ngaphambilini, ikakhulukazi lapho umnotho ucindezeleka.

I-News Avenue ithole ukuthi ngonyaka ka-1972
uHulumeni ka-Idi Amin e-Uganda waxosha abantu bakwamanye amazwe abangaphezulu kuka-50,000, ikakhulukazi ababeyinzalo yase-Asia. Inhloso esemthethweni kwakuwukuthi umnotho ubuyiselwe ezandleni zabantu base-Uganda.

Ngonyaka ka-1983 
INigeria yenza okufanayo, yaxosha abantu bokufika abangaphezulu kuka-2 million, ababengenazo izimvume zokuhlala ngokusemthethweni, ikakhulukazi abavela eGhana naseNtshonalanga ye-Afrika, baxoshwa ngenxa yokwehla komnotho nokushoda kwemisebenzi.

Njengamanje ukwanda kwabokufika eNingizimu Afrika, abangenawo amaphepha kuthathwa njengengqinamba. Izakhamizi zibeka icala kwabokufika ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi, ukwehluleka kukahulumeni ukuletha izidingo zomphakathi nengcindezi ezinsizeni zombuso njengezempilo nezemfundo.

Lokhu kuholele emkhankasweni weMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, ephikisana nokufika kwabantu bokufika okungekho emthethweni. Kanjalo nasekukhuleni kwamaqembu afana ne-Operation Dudula, athi avikela amalungelo ezakhamizi.

Nokho izazi zezobudlelwano bamazwe nezazi zenhlalo zibheka lesi sithombe ngenye indlela. Zithi ohulumeni bavame ukusebenzisa "abokufika" njengesiphambeko. Lapho umnotho unzima noma kunenkinga yokuphatha, abantu bakwamanye amazwe baphenduka imvu yomhlatshelo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose