News Avenue
News / Izindaba

AYIKHO EYA MALAKOANA YOKUHKUKANISA UNYAKA KU KHOZI FM

AYIKHO EYA MALAKOANA YOKUHKUKANISA UNYAKA KU KHOZI FM
Sekuvele ukuthi amampunge eyokuthi uKhozi FM selulande uMandla Malakoana oseyisikhulu sikaMasipala weTheku ukuthi azohlukanisa unyaka.

Lezi zinkulumo esezihambisana nesikhangiso lapho kubonakala khona uMroza Buthelezi, Tshatha Ngobe naye uMandla Malakoana.
Ngemuva kokusabalala kwalezi zindaba iNews Avenue ibe seyithinta abasondelene nalolu daba. 

Ephendula omunye wabo, uthe lolu daba uma lukhona ngabe kade lufakiwe kwiWebsite yoKhizi FM, futhi ihhovisi elise Goli ngabe selisikhiphile isitatimende. "Okwamanje ngingasho kugcwale umlomo ukuthi zingamampunge lezi zindaba," kubeka lomthombo.

INews Avenue  iphinde yazama uMalakoana, ithe uma ingamtholi yathola osondelene naye. Uvele wazichitha lezi zindaba wathi, ngabe sebemazisile uMalakoana. "UMalakoana ngabe usengazisile, mhlawumbe basazomthinta kodwa okwamanje naye nginesiqiniseko sokuthi akazi lutho ngalolu daba, naye ulubona kwi social media," kuphetha umthombo osondelene noMalakoana.

Indaba iqale ngokuthi kuthiwe uLinda Sibiya uzohlukanisa unyaka kwiGagasi FM, kusho ukuthi kube sekuba khona ozihlanganisela izibalo zakhe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose