News Avenue
News / Izindaba

ANGASE AQOPHE UMLANDO UDUMI MKOKSTAD

ANGASE AQOPHE UMLANDO UDUMI MKOKSTAD
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUZOQOPHEKA umlando emcimbini wesihlabani somculo weGospel, uDumiseni "Dumi Mkokstad" Nzimande,  iThe Kingdom Mandate Revival Tour DBN(KMR), ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini mhlaka 29 November 2025. 

Kulo mcimbi uDumi Mkokstad uzobe eqopha bukhoma ingoma yakhe.

Uhambo lwalo mcimbi luqale ngoFebruary ngesikhathi uDumi Mkokstad ehola inhlolokhono iKingdom  Mandate Talent,  eThekwini. Lapho ayethungatha(Dumi Mkokstad) khona abazoba yingxenye yeKingdom Worshippers 

Nokuthe ngoMay  lo mculi wodumo lwengoma ethi "Mbize uJehova" wethula ngokusemthethweni iKMR eBig Top Arena, eCarnival City esifundazweni iGauteng. I-KMR ibenohambo lomjikelezo eGoli naseKapa.

Amathikithi alo mcimbi adayisa eTicketpro ngo-R350.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose