News Avenue
News / Izindaba

ANGASE ABOSHWE UCEDRIC NKABINDE

ANGASE ABOSHWE UCEDRIC NKABINDE
Angase aboshwe  lowo oyisikhulu esiphezulu emaphoyiseni, uCedric Nkabinde.

 Lokhu kuza ngemuva kokuthi izitatimende zakhe zivele zashayisana ngesikhathi ethula ubufakazi kwi Ad Hoc Committee  ePhamende. 

Amanye amalunga akhale ngokuthi isitatimende sikaNkabinde siyadukisa. Amanye akhala ngokuthi asinalo iqiniso isitatimende salesi sikhulu esiphezulu.

Kuze kwaphoqeleka ukuthi amalungu e-Ad Hoc akunqamule ukuqhubeka kwaleli komidi namhlanje, abe esenika uNkabinde izinsuku ezingu 10 ukuthi  ayobhekisisa isitatimende sakhe. Amanye amalungu athe okuwacasulayo ukuthi uNkabinde  ufungile wathi uzokhuluma iqiniso lodwa.

I-EFF ivele yamvulela icala lokuqamba amanga ekubeni efungile uNkabinde.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose