AMAPHOYISA KA MASIPALA WETHEKU ABOPHE ABANGU 11
Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi agcine ezitholile izimpahla ezintshontshiwe ngesikhathi kuthungathwa laba basolwa. Abomthetho badlulise ukubonga kumalungu omphakathi ngokunikeza amaphoyisa ukubambisana okusezingeni eliphezulu, okuyikona okwenze kwaba lula ukuthi kutholakale laba basolwa.
Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele enkantolo maduze, lapho bezobhekana khona namacala okuntshontsha kanye nokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi ngezokwebiwa.