News Avenue
News / Izindaba

AMAPHOYISA AZOBE EWUQAPHE NGESO LOKHOZI U-30 JUNE

AMAPHOYISA AZOBE EWUQAPHE NGESO LOKHOZI U-30 JUNE
LINDOKUHLE NGCOBO 

Amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) asesimeni sokuhlala eqaphile ngemuva kokumenyezelwa komhlaka-30 June 2026, njengosuku lokugcina lwabokufika abangenawo amaphepha asemthethweni okuhlala eNingizimu Afrika, ngokwenhlangano i-March and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma.

IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uMajor General Phumelele Makoba, utshele osomabhizinisi ukuthi abakwasidlodlo bazowenza umsebenzi wabo ngaphandle kovalo ukuvikela abantu, ingqalasizinda namabhizinisi.

Lokhu kuvele emhlanganweni obuphakathi kwamaphoyisa nosomabhizinisi be-Durban Chamber of Commerce and Industry e-Oyster Box Hotel, eMhlanga, namhlanje. Osomabhizinisi baveze ukukhathazeka nokwesaba mayelana nalolu suku (30 June 2026).

"Sisesimeni sokuhlala siqaphile. Ezobunhloli seziqalile ukusebenzisa isigaba sokuqala sohlelo lwethu lokusebenza. Asikho isidingo sokwethuka kodwa sicela ukuqapha okwengeziwe," kusho uMajor General Makoba.

UMakoba uqinisekisile ukuthi umkhakha wamabhizinisi umelwe kuma-PROVJOINTS ngokusebenzisana ne-Business Against Crime, ukuze ulwazi lugeleze ngaphandle kokubambezeleka.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose