News Avenue
News / Izindaba

AMAPHOYISA AVUMA UKWENZA IPHUTHA KUSOMABHIZINISI

AMAPHOYISA AVUMA UKWENZA IPHUTHA KUSOMABHIZINISI
USOMABHIZINISI wakuleli uMnuz Calvin Mathibeli usebize uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN), uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngesiqhwaga.

UMathibeli ubekhuluma nenhlangano yezindaba i-Newzroom Afrika namuhla. 

Uthi okumqhatha namaphoyisa ukuvikela abantu asebenzisana nabo. Lo Somabhizinisi uveza ukuthi sekunesikhathi eside ehlukunyezwa ngamaphoyisa.

"UMkhwanazi ukwazi ukukhipha umyalelo wokuthi kubulawe umuntu.  Aseze (amaphoyisa aKwaZulu-Natal) asebenzisana nezindawo zamakhaza ukuthi kuthathwe izidumbu zabantu.  Amaphoyisa aKwaZulu-Natal amaningi ayakhala ngendlela asetshenziswa ngayo, asephendulwe izinkabi," kubeka uMathibeli.


Eqhuba udalule ukuthi kuliwa naye(uMathibeli) ngenxa yenkampani yakhe yonogada. Wathi kunomndeni wamatekisi olwa naye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe uzothathelwa izinyathelo zomthetho uMathibeli ngakushoyo ngamaphoyisa kanti noMkhwanazi uzomfaka enkantolo ngakusho ngaye.
UColonel Netshiunda uvumile ukuthi beyingekho indaba yokuboshwa kukaMathabeli.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose