News Avenue
News / Izindaba

AMAPHOYISA ANXUSA UMPHAKATHI UKUTHI WEHLISE UMOYA NGEZIDUMBU EZITHOLAKALA EGAUTENG

AMAPHOYISA ANXUSA UMPHAKATHI UKUTHI WEHLISE UMOYA NGEZIDUMBU EZITHOLAKALA EGAUTENG
Amaphoyisa aseGauteng anxusa umphakathi ukuba wehlise umoya njengoba kuqhutshekwa nophenyo olunzulu ngezidumbu zabesifazane eziyisithupha ezitholakale e-Ekurhuleni.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, unxuse abantu ukuba banikeze abomthetho isikhathi sokwenza umsebenzi wawo ngokucophelela ukuze kungaboshwa abantu abasemsulwa. Lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane wesithupha eceleni komgwaqo eKwaThema, eSprings, esifundazweni iGauteng namhlanje ekuseni. Kuvela ukuthi lesi sidumbu bese siqala ukonakala.

Amaphoyisa amemezele ukuthi ithimba eliphenya leli lizokwengezelwa amandla ngezisebenzi ezengeziwe kanye namalungu eminyango ekhethekile yezomthetho. UMathe ugcizelele ukuthi lolu phenyo libucayi ngakho akumele luphathwe ngokuxhamazela.

"Angeke sibaphonsele nselelo abaphenyi ukuba baphuthume ngoba sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi benza umsebenzi oncomekayo. Uma sibafakela ingcindezi, singase sibophe abantu okungebona," kusho uMathe. Wengeze ngokuthi lesi sikhathi akusona esokukhombana ngeminwe, kunalokho kumele kubambisane ukuthola amaqiniso.

Ukutholakala kwalesi sidumbu sakamuva kuphose usizi nokwesaba okukhulu emphakathini wase-Ekurhuleni. Izinhlangano zamalungelo abesifazane nezakhamuzi seziqalile ukufuna ukuba amaphoyisa abonakale kakhulu emigwaqweni kanye nokuthatha izinyathelo eziphuthumayo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose