News Avenue
News / Izindaba

AMABOMBO ABHEKE EMKHOSINI WOMHLANGA

AMABOMBO ABHEKE EMKHOSINI WOMHLANGA
LINDOKUHLE NGCOBO 

WONKE amabombo abheke oPhongolo njengoba kuzothi kusasa kube uMkhosi woMhlanga, ozobe ubanjelwe okokuqala esigodlweni eMashobeni.

Izintombii seziqalile ukubonakala zibhekise amabombo oPhongolo, ithimba le News Avenue lizibonele ngawawo izintokazi zicula eMvoti Plaza.  

ISilo uMisuzulu kaZwelithini akulindilekile ukuthi sikhethe njengoba sike saveza ukuthi izintombi ezihamba uMhlanga izingane zaso. Okhulumela iSilo uMntwana Thulani Zulu uthe akakwazi ukuqinisekisa indaba yokuthi iSilo sizokhetha noma chabo. Ezeseka ngelithi lokho kusemandlenii eSilo.

Ngokwesiko likaZulu iNdlulamithi iphoqelekile  ukuthi iyise lo Mkhosi esigodlweni sayo esisha, nokuyilapho kubanjelwe uMkhosi wokweShwama ekuqaleni kwalo nyaka. Lokhu kuwuphawu lokuthi yonke imikhosi kaZulu isizobanjelwa kulesi sigodlo seSilo esisha. Kuzokhumbuleka ukuthi phambili imikhosi yaseNdlunkulu ibibanjelwa esigodlweni saseNyokeni kwaNgonoma, okuyisigodlo seSilo uZwelithini KaBhekuzulu.

Kusasa kulindeleke ukuthi iNgonyama yethule inkulumo ezobe iyibhekise ezintombini.  ISilo siveza ukuthi asifuni ukuthi kube nezinkulumo ezethulwa ngosopolitiki.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose