News Avenue
News / Izindaba

ALOKHU ENGENE NJALO AMAZWI ENDUDUZO ENDLUNKULU KAZULU

ALOKHU ENGENE NJALO AMAZWI ENDUDUZO ENDLUNKULU KAZULU
LINDOKUHLE NGCOBO

 AMAZWI enduduzo alokhu engene njalo eNdlunkulu kaZulu, kulandela ukudlula emhlabeni kukaNdlunkulu uThoko Gladys Zulu, ngoLwesihlanu mhlaka 27 June 2025.

 UNdlunkulu ubegane owayeyibamba Bukhosi bukaZulu, uMntwana uMcwayizeni kaSolomon waseNxangiphilile. UMntwana uMcwayizeni waba yibamba ngonyaka ka-1968, ngemuva kokukhothama kweSilo uBhekuzulu kaSolomon, ngaphambi kokuba kuhlale esihlweni soBukhosi iSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngonyaka ka-1971. 

Omunye wabadlulise amazwi enduduzo uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli. "Sibuhlungu ngokulahlekelwa uNdlunkulu Thoko Gladys Zulu. Ubengeyona nje kuphela insika yaseNdlunkulu kaZulu kodwa ubeyisisebenzi sabantu, ebesenza umsebenzi wokufundisa abantu sishintsha izimpilo zabantu. Ubengumuntu onobuhlakani, ubuntu nobuqotho ehloniphekile emphakathini," kuchaza uNtuli. 

Eqhuba uNtuli ngokumela uhulumeni waseKZN udlulise amazwi enduduzo kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNdlunkulu kaZulu, esizweni sikaZulu nakubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose