News Avenue
News / Izindaba

AKUDLALWA NAMHLANJE KWI NGC YE ANC KWAZISE KUNGENWA KUMA COMMISSION

AKUDLALWA NAMHLANJE KWI NGC YE ANC KWAZISE KUNGENWA KUMA COMMISSION
Iyaqhubeka iNational General Council ye African National Congress, eBirchwood Hotel, Boksburg, eGauteng namhlanje.

Amalungu alenhlangano namhlanje azokuba kumaCommission, lapho ezokube edingida izihloko ezihlukahlukene nokuzothi ekugcineni lenhlangano ibe seyithatha izinqumo ngalokhu okuzovunyelwana ngakho. Abezindaba basuke bengavumelekile kulolu hlelo.

Izolo uMengameli Cyril Ramaphosa noNobhala Jikelele uFikile Mbalula bathule imibiko yabo emayelana nenhlangano. Namhlanje kuzoqhubeka umsebenzi wangempela kumaCommission.

Kwenzeka nje lokhu abasebenzi be-ANC, bebegxoba itoyitoyi ngaphandle ngenxa yamaholo abanye bethi bafuna iprovident fund. Kodwa uNobhala utshele abezindaba ukuthi sebekhokheliwe abasebenzi. 
Kanti i-ANC ithi icabanga ukwenyusa imali yobulungu iphinde iqinise ekutholeni uxhaso ukuze kukhokheleke abasebenzi futhi iphele nya indaba yokungakhokheleki kwabo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose