News Avenue
News / Izindaba

ABESIFAZANE BATHI AKEKHO OZOSHIWA EMUVA

ABESIFAZANE BATHI AKEKHO OZOSHIWA EMUVA


SOMPISI NTULI 

Abesifazane bahlanganyele e-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesine, emhlanganweni kazwelonke wenhlangano, Abesifazane eNingizimu Afrika Emisebenzini Yokwakha naseMkhakheni Wokwakhiwa Kwendawo (SAWIC & BE).

Lomhlangano ubanjwe ngaphansi kwesihloko esithi, ‘Akekho owesifazane ozoshiywa emuva'.

Ukukhula akufinyelele kubo bonke abesifazane.’
Bekugcwele abantu besifazane abayingxenye yomkhakha wezokwakha.

 Abesifazane bebevela ezindaweni ezahlukahlukene kanti bebethola ulwazi ebebeliphakelwa izikhungo ezahlukahlukene, okubalwa kuzo uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnyango wezemiSebenzi yomphakathi nenhlangano, i-SAWIC & BE.

Abasuka kulezi zikhungo bathi kubalulekile ukuba kuxazululwe izinkinga abesifazane ababhekene nazo kule mboni.

“Silapha e-KZN ukuzobungaza abesifazane abasemkhakheni wezokwakha,  sibungaza laba abaqavile, nalaba abasaqala kwezokwakha, kanjalo nodaba lwamantombazane amancane embonini yokwakha,” kuchaza uNomxolisi Moagi, onguSekela Mengameli.

 Kuphinde kwakhulunywa ngezindlela ezingasetshenziswa  ukuxazulula  izingqinamba abesifazane ababhekene nazo, nokubuyekeza imizamo eyenziwe i-SAWIC & BE kusukela ekusungulweni kwayo ngonyaka ka-1997.

“Uma unika owesifazane amandla, unika umndeni nesizwe,”  kusho iPhini likangqongqoshe wezoMnyango wezeMisebenzi uMnuz Sihle Zikalala.

“Sinohlelo olubizwa nge-Build Programme, esiluhola ngokusebenzisana ne CIDP, luhlelelwa kakhulu ukuthi lihlomulise abantu besifazane,” kusho uZikalala.

Abebehambele lomhlangano bazwakalise
 imibono yabo ngezinguquko abafisa ukuzibona embonini yezokwakha.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose