News Avenue
News / Izindaba

ABE KABAWO PROJECTS BAPHISANE NGEMIFUNDAZE

ABE KABAWO PROJECTS BAPHISANE NGEMIFUNDAZE


IKabawo Projects ibambisene neHollywoodbets bakhiphe imifundaze kaR15 000 kubafundi abazoba kulesi sikhungo ngonyaka ozayo.

 Lokhu kwenzeke namuhla khona esikhungweni esise Albert Street ngaseDiakoni, eThekwini.

Omunye wabaqondisi balesi sikhungo, uThandeka Zulu, engxoxweni abe nayo neNews Avenue uthe, abakwenzile ukuqoka umfundi oyedwa ezikoleni ezahlukene. "Bonke laba bafundi bazothola umfundaze wokuqhuba izifundo khona eKabawo Academy ngonyaka ozayo," kuchaza uThandeka.

Uthe ayikho imali ezoya kumfundi kodwa izobhekana nezidingo zesikole.
Lesi sikhungo sesikhiqize abantu abaningi okuhlanganisa abaculi kanjalo nabalingisi. Kulonyaka iKabawo igubha iminyaka engu-10.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose