News Avenue
News / Izindaba

ABAKWA MKHWANAZI ABENEME NGESINQUMO YESILO

ABAKWA MKHWANAZI ABENEME NGESINQUMO YESILO
INKOSI  uNtokozo Mkhwanazi yaseMtubatuba isiphumela obala, yaveza ukuthi ayihambisani nokuqokwa kukaMnumzane Ncube ukuba abe yiso lomhlaba waseDukuduku, eMtubatuba. 

UMkhwanazi uqophe ividiyo lapho eveza khona ukuthi isizwe sakwaMkhwanazi sikhathazekile, ngemuva kokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini simemezele uNcube njengozoba yiso le ndawo yakwaDukuduku kuze koshaya ngasolwandle eSt Lucia. 

"Besiyokhuluma lokho eNdlunkulu, engicabanga ukuthi sifike sakubeka kwacaca eNdlunkulu, ukuthi ukuba khona kweso leSilo asihambelani nakho ngoba isizwe sakwaMkhwanazi sineNkosi yaso. 

"Sazi ukuthi Inkosi iyilona iso leSilo. Manje uma kukhona omunye umuntu obekwayo, sibe sesidideka ukuthi kanti Inkosi iyiso likabani. Sibheke zona izintaba zeNgonyama, siyiso layo iNgonyama, siphinde sibe izindlebe zayo iNgonyama. Ngeke sikuvume ukuthi kube khona iso leSilo endaweni yakwaMpukunyoni ngoba sinayo Inkosi ekhona. Awukho umbango eBukhosini bakwaMkhwanazi, Inkosi ibisahlezi kahle, " kuchaza Inkosi uMkhwanazi.

Khonamanjalo lolu daba lesizwe sakwaMkhwanazi noNcube selungenelelwe nanguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLit General Nhlanhla Mkhwanazi.

UGeneral Mkhwanazi unxuse abaKhwanazi ukuthi lolu daba balusingathe ngendlela enokuthula nesizotha. Lokhu kwenzeke esithangamini sabezindaba, izolo eMtubatuba ebesihanjelwe nawuBukhosi bakwaMkhwanazi, KwaDlangezwa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose