News Avenue
News / Izindaba

ABAKWA JAC MOTORS SEBEPHUMELE OBALA NGEMOTO KA NGIZWE

ABAKWA JAC MOTORS SEBEPHUMELE OBALA NGEMOTO KA NGIZWE
LINDOKUHLE NGCOBO 

SEKUVELE ukuthi uNgizwe Mchunu ozibiza ngoMengameli wamaBhica wazithengela imoto yakwa-JAC Motors ahamba ngayo.

Lokhu kuvezwe abaphathi bakwaJAC Motors South Africa & JAC Halfway, ngemuva kokuthi kube khona abazame ukuyoceba uMchunu kwaJAC befuna aphucwe le moto.

"Siyinkampani iJAC Motors South Africa and JAC Halfway asihlangani nombono kaNgizwe Mchunu ngoba ubudlelwano bobunxusa esasinabo baphela ngonyaka ka-2023," kubeka abakwaJAC esitatimendeni. 

UNgizwe usematheni kulezi zinsuku, ngemuva kokuthuka abathandana nobulili obufanayo ezinkundleni zokuxhumana. Kulandela ukubonakala komshado wezinsizwa ezimbili, ebezishada ngenyanga edlule. Phakathi kwazo kukhona evunule ngemvunulo yabesilisa bakwaXhosa enye ivunule ngemvunulo yabesilisa bakwaZulu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose